UHLELO LWENTUTHUKO OLUDIDYELE - PowerPoint PPT Presentation

1 / 21
About This Presentation
Title:

UHLELO LWENTUTHUKO OLUDIDYELE

Description:

IYER ROTHAUG LINDA MASINGA PROJECT TEAM. UMGUNGUNDLOVU DISTRICT MUNICIPALITY UHLELO LWENTUTHUKO ... Izinjongo ezibalulekile zale Plani zimbandakanya: ... – PowerPoint PPT presentation

Number of Views:39
Avg rating:3.0/5.0
Slides: 22
Provided by: devplanK
Category:

less

Transcript and Presenter's Notes

Title: UHLELO LWENTUTHUKO OLUDIDYELE


1
UHLELO LWENTUTHUKO OLUDIDYELE
UMASIPALA SIFUNDA WASEMGUNGUNDLOVU
HLANGANISWE NGOKULEKELELWA U-IYER ROTHAUG / LINDA
MASINGA PROJECT TEAM
2
IHLANGANISWE-U
IQEMBU LE IDP YASEMGUNGUNDLOVU   Xhumana
no   Ms Buhle Ally IDP Manager Ucingo 033
394 5561   Elekelelwa   Abaphathi
boMkhandlu Iyer Rothaug Linda Masinga   Besizwa
ngu  Urban-Econ Multi-Consult GAEA
Projects Geodynamic Systems 28 March 2002
3
OKUQUKETHWE
4
1. ISINGENISO
1.1 ISENDLALELO   1.1.1 INGQIKITHI YOHLELO
Ukhetho lohulumeni basekhaya kanye nokuphasiswa
kwemithetho ebhekene nohulumeni basekhaya,
kakhulukazi lowo owaziwa ngokuthi i-Municipal
Systems Act, No 32 of 2000, iholele ekuhlelweni
kabusha kohulumeni basekhaya. Labo Masipala
abasha bavale izikhala zoMasipala besikhashana.
LaboMasipala abasha bakhiwe ngokuklanywa kabusha
kwemingcele. Omasipala abasha banikezwe iqhaza
elikhulu ekuthuthukiseni izindawo abazakhele.
Emuva kwemiphumela yohulumeni basekhaya
esifundeni esimaphakathi neKwaZulu Natal,
kwabunjwa uMkhandlu Sifunda waseMgungundlovu (DC
22). LoMkhandlu Sifunda waseMgungundlovu
ubhekene futhi uthathe indawo enkulu
eyayingaphansi komkhandlu sifunda omdala
owawaziwa ngokuthi iNdlovu Regional Council.
  Umgomo omkhulu ekuhlelweni kabusha kohulumeni
basekhaya, okhombisa ukuba impumelelo, ukwenza
isiqiniseko sokuthi izidingo zomphakathi
ziyabhekelwa. Ukushenxa koMasipala enqubeni
yakudala yokuphatha eyayingagxilile entuthukweni
yomphakathi kuya enqubeni entsha kwiyinsalela
enkulu ebhekene noMasipala.   Ukuze kutholakale
lokhu, intuthuko edidiyele idinga uhlelo namasu
ahluzile azobhekana nokwabiwa kwezimali.
Ngokomthetho obizwa nge Municipal Systems Act,
bonke omasipala baphoqelekile ukuba babenoHlelo
LweNtuthuko Oludidiyele (phecelezi IDP).
5
1.2 INDLELA YEZOKUHLELELA
  • 1.2.1 IZINHLOSO ZOHLELO LWENTUTHUKO OLUDIDIYELE  
  • Umkhandlu Sifunda waseMgungundlovu wathula uHlelo
    LweNtuthuko Oludidiyele (phecelezi IDP) ngenjongo
    yokufeza lezidingo ezilandelayo  
  • Ukuhlanganiswa kwe IDP kulandelwa umthetho
    woMasipala (Municipal Systems Act)
  • Ukuqiniseka ukuthi umphakathi ubamba iqhaza
    elikhulu ekuhlanganisweni kwe IDP
  • Ukuqinisekisa isakhiwo sohlelo oluzoba
    umkhombandlela nohlelo, ekwabiweni kwezi zimali,
    ukuphathwa kanye nokuthathwa kwezinqumo
    ngaphakathi kukamasipala
  • Ukuphokophelela intuthuko edidiyele yonke
  • Ukuqinisekisa ukuthi uhlelo lwezentuthuko
    oludidiyele luhlanganiswe phezu kokuqonda
    izidingo nenselela ebhekene noMkhandlu.

1.2.2 UHLELO OLULANDELWE EKUHLANGANISENI I-IDP
YOMKHANDLU SIFUNDA WASEMGUNGUNDLOVU Isimemo
(Terms of Reference) kanye nePlani YoHlelo
(Process Plan) okwakhishwa uMkhandlu Sifunda
waseMgungundlovu kubeka ngokusobala ukuthi iluphi
uhlelo oludinga ukulandelwa ngesikhathi
kuhlanganiswa I-IDP. Umdwebo ongakwesokudla
uchaza kafuphi ngohlelo olalandelwa.
Lelibhuku liyingxenye yesigaba sesine se IDP.
Licu bungula ngokufinqiwe izigaba zonke ze IDP.
6
1.3 UKUSEBENZISA UHLELO OLUHLANGENE
SECTION 1 - INTRODUCTION
1.3.1 I-IDP NGOKUFINGQIWE Le IDP ungumphumela
wohlelo oluthathe izinyanga ngaphambi kokuba
iphothulwe. Loluhlelo luhlanganise imikhakha
ehlukene yentuthuko yase imbandakanya neqhazi
elingabanjwa umphakathi. Nakubakunjalo, iqhaza le
IDP alinakuchazeka ngokugcwele kulelibhuku.
Ngakhoke uyanxuswa ukuba ungathathi lelibhuku
njengalelo elichaza kabanzi nge IDP. Lelibhuku
lichaza ngokufingqiwe uhlelo lwe IDP
yaseMgungundlovu. Le IDP iwuhlelo oluphilayo.
  Ukuqhubekezela phambili ezentuthuko
eMgungundlovu, kubalulekile ukuhlaziya kafuphi
izindlela ezibalulekile eziqamuke ngohlelo lwe
IDP. Lokhu kwiyinhloso yalelibhuku. Lihlelwe
ngendlela yokuthi kubelula ukulandela okuqukethwe
kulo. Imidwebo nezithombe zenza ukuba wonke
umuntu nokuqondisisa ngohlelo lwe IDP. Lelibhuku
ligcizelela izihloko ezibalulekile ekuqubeleni
phambili intuthuko. Igxenye enkulu yalelibhuku
igxile kakhulu oHlelweni Lamasu Entuthuko (THE
STRATEGIC PROGRAMME). Loluhlelo lungumgogodla we
IDP njengoba kuyilona eliqukethe imininingwane
ngokulethwa kwentuthuko. Uhlelo Lamasu Entuthuko
ilona okufanele kube isinkwa semihla ngemihla
soMkhandlu.   Kubalulekile ukuthi lelibhuku
lifundwe kanye namanye amabhuku achaza kabanzi
nge IDP yaseMgungundlovu. Lawomabhuku ayingxenye
yaleli.
7
(No Transcript)
8
(No Transcript)
9
(No Transcript)
10
3. UHLELO LWAMASU
UHLELO LWAMASU ENTUTHUKO
Uhlelo lwamasu lungumgogodla woHlelo Oludidiyele
(IDP). Uhlelo Lwamasu luyinkomba echaza ngokuthi
uMkhandlu Sifunda uzoziquba kanjani izinhlelo
zentuthuko kuleminyaka emihlanu ezayo
(2002-2006), kakhulukazi esikhathi esisile
saloMkhandlu ekhona. Uhlelo Lwamasu loMkhandlu
waseMgungundlovu lakhiwe ngokubambisana
kwezinhlngano zomphakathi ebezi bamba iqhaza
kuma-workshop nasemihlanganweni eyahlukahlukene.
Ukulandela okushiwo ngenhla uhlelo lwamasu
entuthuko e-IDP luhlukaniswe izigaba ezintathu.
  Isingeniso - Lengxenye elandelayo ichaza
ngohlelo olulandelwe ekuhlanganiseni amasu kanye
nezinhlelo zentuthuko.   Umbono netshisekelo
Ibeka ngokucacile indlela uMkhandlu ofisa
ukuthuthukisa ngayo indawo yaseMgungundlovu
kuleminyaka emihlanu ezayo nangaphambili. Ukuchaz
wa kwamasu (Integration Report) Igxile
kulezozinkinga ezibalulwe kwi Sigaba 1 se IDP,
ichaza uhlelo oluzolandelwa uMkhandlu nalabo
abaneqhaza ekuqinekiseni ukuthi zonke
izingqinamba ezikhona ziyagudluzwa ukuze kufike
intuthuko.
  •  
  • Uhlelo Lwamasu lufeza lezizinjongo ezilandelayo
  •  
  • Ngokusebenzisa umbono netshisekelo
    Luqinisekisa ukuthi yonke imisebenzi yoMkhandlu
    inenhloso yokufeza umbono (vision).
  • Ngokusebenzisa izinhloso (objectives) Ibekela
    uMkhandlu izinkomba (Key Performance Indicators)
    ezichaza impumelelo noma ukwehluleka koMkhandlu
  • Ngokusebenzisa amasu (strategies) Lutshengisa
    ukuthi uMkhandlu uzozifeza kanjani izidingo zawo
    kuleminyaka emihlanu ezayo futhi ifeze nombono
    wayo
  • Ngokusebenzisa izinhlelo zentuthuko (Projects)
    Inikezela ukwaneliseka ezinhlelweni zamasu
    entuthuko ngokuthi ibalule izinhlelo zentuthuko.
    umkhandlu oziyibeka.

11
3.1 UMBONO NETSHISEKELO
UMKHANDLU SIFUNDA WASEMGUNGUNDLOVU UPHOKOPHELELE
UKUBA UMKHANDLU DOLOBHA FUTHI UBE INHLOKO DOLOBHA
YESISHAYAMTHETHO SAKWAZULU-NATAL. LOKHU
KUYOHAMBISANA NENTUTHUKO YEZOMNOTHO, UKULETHWA
KWEZIDINGO ZABANTU NGOHLELO OLUDIDIYELWE
KUTHUTHUKISWE NEMPILO YABANTU BONKE.
Intshisekelo (Mission) yakhelwe ukwenza
isiqiniseko sokuthi yonke imisebenzi yoMkhandlu
iphokophelele ukuthi Umbono (Vision) uba
impumelelo. Intshisekelo (Mission) yoMkhandlu
ithi  UMASIPALA SIFUNDA WASEMGUNGUNDLOVU
UZOSEBENZISA UBUHOLI OBUQOTHO, UMBANDAKANYE
UMPHAKATHI EKUQINEKISENI UKUFIKA KWENTUTHUKO
YEZOMNOTHO.
12
(No Transcript)
13
(No Transcript)
14
(No Transcript)
15
4. UHLAKA LOKUQALWA KOMSEBENZI
  • UKUBHEKA UHLAKA LOKUQALWA KOMSEBENZI
  • Amasu nezinhlelo zentuthuko ezibalulwe kwi-IDP
    akumele zibhekwe zodwa njengalokhu ziningi ezinye
    izinhlelo ezinomthelela. Lengxenye elandelayo
    ichaza ngohlelo lokwenza lemisebenzi.
  •  
  • Ukwabiwa komsebenzi namandla
  • Isu Lezezimali
  • Isu Lezinhlaka Ezididiyele Zentuthuko
  • Spatial Framework
  • Izinga Lokuhlela
  •  
  • Lokhu okungenhla kuzochazwa ngakunye ukucacisa
    ingqikithi yokuqalwa kohlelo lwezentuthuko
    ehlangene.

16
4.1 UKWABELWA KWEMISEBENZI NAMANDLA
UKWABIWA KWEMISEBENZI NAMANDLA UMasipala
Sifunda waseMgungundlovu ihlukanisa imisebenzi
(functions) yawo imikhakha emine. Lemikhakha
achazwa kabanzi ku Annexure 1 we IDP. Lemikhakha
ichazwe kafuphi lapha ngezansi
IMISEBENZI EYABELWE UMKHANDLU SIFUNDA
NGOKOMTHETHO WOMASIPALA INGXENYE 84 (1)
WOMTHETHO WOMASIPALA, WABELA UMKHANDLU SIFUNDA
AMANDLA NALEMISEBENZI ELANDELAYO
EKUHUMUSHENI UKWABIWA KWALEMISEBENZI NAMANDLA
KWISIGABA 1, INDLELA YOKUBHEKANA NEZINKINGA
YACUBUNGULWA, KUBHEKWE IKAKHULUKAZI UBUNGAKO
BESIFUNDO KANYE NOMASIPALA BASEMAKHAYA
NGOKUHLUKANA KWABO.
  • uHlelo Lwentuthuko Edidiyelwe
  • Ukunikezelwa kwamanzi azosetshenziswa ekhaya
  • Ukunakekelwa kwenkunkuma
  • Imigwaqo kaMasipala
  • Ukunakekelwa kwemisebenzi yezokuthutha umphakathi
  • Izikhungo zamabhanoyi kaMasipala
  • Imisebenzi yezempilo kamasipala
  • Izimakethe zezitshalo
  • Amathuna nezindawo zokushisa abantu
  • Ezokuvakasha zasekhaya

17
4.2 UMUMO WEZIMALI NEZIKHUNGO
  • ISENDLALELO OHLELWENI LEZIMALI
  • Umumo ogcwele wezimali zohlelo lwezentuthuko
    lwahlanganiswa uMnyango wezeZimali kuMasipala
    Sifunda waseMngungundlovu. Loluhlelo lweZimali
    lutholakala ku Annexure 2 ohambisana nalelibhuku.
    Okulandelayo lapha kwethula okuqukethwe uHlelo
    Lwezezimali.
  • Uhlelo Lwezezimali liyingxeye ebalulekile ye IDP
    futhi lubhekisisa lokhu okulandelayo
  • Izindlela zomxhaso kuleminyaka eyisihlanu
    onyakeni wezimali 2002/3 kuya koka 2006/7
  • Ukuqiniseka kwalokhu kuncike enzuzweni
    nezinhloso ezibekiwe ngokohlelo lwezentuthuko
    ehlanganisile.
  • Ukwakha izindlela zokuphathwa kwezimali
    nokuhlolwa kwamabhuku ngendlela eyiyo
  • OKUQUKETHWE UHLELO LWEZIMALI
  • Ukuze sikwazi ukwenza okubalulwe ngenhla, lokhu
    okulandelayo kufakiwe ohlelweni lezimali
  • Ukutholakala komxhaso
  • Ukwabiwa komxhaso komasipala
  • Amasu okungenisa imali
  • Izindlela zokuphathwa kwezimali
  • ISENDLALELO SOHLELO OLUDIDIYELE LWEZINHLAKA
    ZENTUTHUKO
  • Umnyango wezokwamukela izidingo zikaMasipala
    Sifunda uhlanganise uhlelo lokuthuthukisa
    izinhlaka zentuthuko. Imininingwane egcwele
    ngalokhu iku Annexure 3 oyingxenye yale IDP.
  • OKUQUKETHWE UHLELO LWEZINHLAKA ZENTUTHUKO
  • Uhlaka lwezentuthuko oludidiyelelihlose lokhu
    okulandelayo
  •  
  • Ukwakheka kohlaka oluzokwenza intuthuko ibe
    lula. Lokhu kumbanakanya ukuhlelwa kabasebenzi
    bomkhandlu. Amandla nemisebenzi
  • Ukusebenza kwabaphathi
  • Indlela yokwamukela
  • Uhlelo lwezokuxhumana oluhlangene
  • Imithetho ehola ukusebenza kukaMasipala
    wesifunda

18
4.3 INDAWO YOHLAKA LOMSEBENZI
  • INHLOSO YE-PLAN YOKUSETSHENZISWA KOMHLABA
  •  
  • Inhloso ye-plani yokuthuthukiswa komhlaba ukwakha
    uMkhandlu Sifunda ozophumelela..
  •  
  • Izinjongo ezibalulekile zale Plani zimbandakanya
  •  
  • Ukususa imisebenzi yobandlululo, edala
    ukungalingani nentuthuko engafinyelele kuwowonke
    umuntu.
  • Ukwenza isiqinisekiso sokuthi bonke abantu
    bayakwazi ukufinyelela kuzidingo ngqangi.
    Kakhulukazi emathubeni emisebenzi.
  • Ukuhlanganisa indawo yesifunda nokuhlanganisa
    izakhiwo ezihlukene/ amathuba okusebenza
  • Ukunikezela ngohlaka lomsebenzi lwezentuthuko
    oluzophatheka okufaka ukwaziswa kwezindawo
    okungatshalwa kuzo izimali, ukuhluhlumeliswa
    kwesimilo, nokuvikeleka.
  • Ukwakha indlela ekahle yamathuba ehlanganisa
  • Ukuthuthukiswa kokusatshalaliswa kwemisebenzi
  • Ukufinyelela kwamathuba ezomnotho
  • Ukufinyelela ezidingweni ezithuthukisiwe

19
4.3.1 IZINDAWO EZIHLELELWE
1 UKUQALA NGEZAKHIWO EZIKHONA EZIHLANGANISA
IZINDAWO EZIHLUKENE ZASEMAKHAYA
2 UKUNGENELA NGOKOHLELO LWEZENTUTHUEZINDAWENI
EZIZOSABALALISA INTUTHUKO.
3 NGOKOHAMBA KWESIKHATHI, UKUQHELELENA KWEZINDAWO
KUZOYA KUNCIPHA.
4 EKUQHUBEKENI KWESIKHATHI UKUPHATHA OKUCACILE
KUYATHUTHUKA OKUHLANGANISA IMISEBENZI
20
4.3.2 INDAWO YOKUHLELELA UMSEBENZI
21
5. UKUDIDIYELWA KWAKHO KONKE
UHLELO LWEMINYAKA EMIHLANU LWEMALI YEZENTUTHUKO
Uhlelo lweminyaka emihlanu lwezimali
luyingxenye ye IDP yoMkhandlu Sifunda wase
Mgungundlovu. Uhlelo lwezimali lubalula wonke
amaprojeti adinga imali enkulu.   Okungenani
izigidi ezingu R174 ziyodingeka ukuba kwenziwe
zonke lezizinhlelo eminyakeni emihlanu ezayo.
Ingxenye enkulu yale mali izoqhamuka eminyangweni
kahulumeni eyahlukahlukene. Imali yokwakhiw
kwezindlu ayiveli lapha njengo lomsebenizi
uzokwenziwa oMasipala. omasipala basemakhaya
bezoba abathuthukisi baloluhlelo lomsebenzi.
UHLELO LOKUSEBENZA LWEMINYAKA EMIHLANU Uhlelo
lokusebenza likaMasipala wesifunda uMgungundlovu
lulandela uhlelo lwezimali lweminyaka emihlanu.
Uhlelo lokusebenza luveza okunye uMasipala
okufanele kwenziwe eminyakeni emihlanu. Kumele
kuqashelwe ukuthi isamba esikhulu semisebenzi
sihambisana nesabelo zimali zonyaka 2002/3.
Lokhu kutshengisa isamba semisebenzi esibhekwe
nguMasipala. Ukwengeza kulokhu isamba esikhulu
semisebenzi ohlelweni lwezemisebenzi zitshengiswe
njengemisebenzi eqhubekayo, isib, imisebenzi
enesikhathi esinganqunyelwe
Write a Comment
User Comments (0)
About PowerShow.com